Monday, November 21, 2011

Ukufonelana nesithandwa sakho.

Ey' akuve kuthokozisa ukuthola i "call " evela kwi sthandwa sakho.
Kanti futhi asifani. Omunye akafuni ukufonelwa njalo okugcina sekuyisicefe.
* Kubanga isidina komunye ukufona ihora nehora ngoba uthi umkhumbule. Ziningi izindlela zokumkhombisa uthando nenkumbulo ngaphandle kokufonelana.
* Kuhle ukunikana isikhathi sokungafonelani ukuze nixoxe senikhumbulana. Ukufonelana umzuzu nomzuzu kwenza nengxoxo ingabe isaba mnandi.
* yiba nengqikithi nesizathu sokufona ngale kwalokho uzobukeka njengesilima.
* Ukuchitha isikhathi eside ocingweni kwenza ubukeke sengathi kawunayo enye into ongayenza. Lokhu kuvalela nesithandwa sakho ezinye izingcingo ezibalulekile.
* Ukufona njalo kwesinye isikhathi kakulukhulisi uthando kepha kuyalupholisa.
* Kuhle izithandani zilangazelelane.
* Makungabi nguwe ofona njalo, kodwa nika nesithandwa sakho ithuba.
* Ucingo kakulona olokuqeda zonke izindaba. Ungakhuluma kancane nesithandwa sakho bese okuningi nikuqedela senibonana.
* Kakunoma yini ongayixoxa ocingweni. Yazi okungamele ukukhulume nesithandwa sakho ocingweni.
* Ungakujwayeli ukufona isikhathi eside ngezikhathi zomsebenzi. Lokhu kungaphazamisa isithandwa sakho.
* Kayikho into ecasula izithandani njengokuthembisana ukufonelana kodwa kungenzeki. Uma uthembise ukufona ngesikhathi esithize, isethembiso masigcinwe.
* Uma ningatholananga ocingweni nesithandwa, buyela kusona uzwe ukuthi besithini.
* LUNGAPHELI USUKU UNGAMTSHELANGA UKUTHI UYAMTHANDA.
__ Mthande, Akuthande, Nithandane.

No comments:

Post a Comment